eDIRE DAWA
EDire Dawa, e-Ethiopia, i-SUNCASA izovuselela umhlaba kanye nemvelo eduzane komfula i-Dechatu ukuze kubhekwane nengozi yezikhukhula, ukuguguleka komhlabathi, kanye nengcindezi edalwa ukushoda kwamanzi emadolobheni. Abantu abangaphezu kuka-200,000 abahlala ezindaweni ezithandwa yizikhukhula bazohlomula ngokusebenzisa izixazululo ezibukisisa izindlela abantu bobulili obuhlukene abazibandakanya ngayo nemvelo (gender-responsive nature-based solutions (NbS)), okuhlanganisa ukutshalwa kwamahlathi ezindaweni ebezingenawo, ukusungulwa kwe-buffer zone, okuyindawo ebekiwe ukuze ihlukanise amadolobha nemvelo, ukunakekelwa kwezihlahla nezitshalo ukuze kulawuleke ukugeleza kwamanzi nokwakha imisebenzi, kanye nokutshalwa kwezihlahla emadolobheni ukuze kuncishiswe igalelo lezikhukhula kanye nokushisa.
Izikhukhula ezenzeka ngokushesha ngenxa yemvula enamandla, ukuguguleka kwenhlabathi, kanye nokushoda kwamanzi kuyizingozi ezibucayi ezidalwa ukuguquka kwesimo sezulu eDire Dawa. Impilo yomphakathi kanye nomnotho wendawo kusengcupheni ngenxa yokushisa kanye nokushoda kwamanzi okubangelwa ukuncipha kwamanzi angaphansi komhlaba.
I-SUNCASA izosebenzisana nabantu bendawo ukuze kuqale kusebenze i-NbS, ngokugxila emadolobheni nasezindaweni zasemakhaya ama-kebele (amadolobhana) ezindaweni ezithandwa yizikhukhula. I-NbS eqaliswe ngaphansi kwe-SUNCASA izonciphisa izikhukhula ezenzeka ngokushesha ngenxa yemvula enamandla kanye nokuguguleka kwenhlabathi, ithuthukise ukwandiswa kwamanzi angaphansi komhlaba kanye nokuthuthukiswa kwe-buffer zone, futhi yandise amathuba okulinywa kwamahlathi, ukuthuthukisa ukukhiqiza komhlaba, izivuno, kanye nokufinyeleleka kwezobuchwepheshe.
Lolu hlelo luzohlomulisa abantu abaphakathi kuka-3,500 no-4,000 ngokuqeqeshelwa amakhono kanye nokuqashwa ekukhiqizeni izithombo, ukufuya izinyosi, ukukhiqizwa komquba, kanye neminye imisebenzi ehambisana nalolu hlelo. Lolu hlelo luzophinde lukhuthaze izindawo zemvelo phakathi emadolobheni ngokwakha amapaki omphakathi kanye nokutshala izihlahla ezindaweni zomphakathi, ezindaweni zabantu, kanye naseceleni kwemigwaqo.