Water for the Future staff working on invasive alien species removal on Jukskei river -SUNCASA

UKULINGANA NGOKOBULILI KANYE NOKUBANDAKANYA UMPHAKATHI

Umsebenzi we-SUNCASA uhlose ukunciphisa izingqinamba ezivimba abantu besifazane namanye amaqembu ancishwe amathuba ukuze bangene ezinhlelweni ze-NbS, ukuhlelwa kwemisebenzi, kanye nokuyiphatha isikhathi eside imisebenzi eDire Dawa (e-Ethiopia), eKigali (eRwanda), naseJohannesburg (eNingizimu Afrika).

Umthelela wezinkinga ezidalwa ukuguquka kwesimo sezulu kanye nenkinga yokushabalala kwemvelo ibathinta ngezindlela ezahlukene abantu bobulili obuhlukene. Amaqembu abantu abhekene nokucwaswa nokubandlululwa avame ukuthinteka kakhulu. Ngenxa yomlando namasiko endlela abantu bobulili obungafani abahlukaniswa ngayo kanye nezinqubo zomphakathi, abesifazane namantombazane, kanye namadoda nabafana, baneqhaza elihlukile ekufinyeleleni, ekusebenziseni, nasekulawuleni imvelo esekela ukuphila.

Singasenza nje isibonelo sokuthi abesifazane banesibopho esingafani nesabesilisa sokuthola ukudla namanzi ngenxa yendima yabo ngokwesiko, okuholela ekutheni bancike kakhulu emvelweni esekela ukuphila.

Ukuze yenze ushintsho futhi kube nokulingana, i-SUNCASA yenzelwe ukuba ibukisise lo mehluko okhona kulezi zindima, izibopho ezikhona kanye nolwazi, iphinde ibhekane nemikhuba namasiko abandlululayo. Lolu hlelo lwe-NbS luzosebenzela ukuthuthukisa ulwazi kwamalungu omphakathi ngesidingo sokunciphisa ukungalingani ngenxa yobulili, ikakhulukazi phakathi kwabesilisa nakulabo abenza izinqumo.

I-SUNCASA izoqhuba izingxoxo mayelana nezingqinamba ezibangelwa ukwehlukana ngokobulili, okuhlanganisa izimiso ezikhona emphakathini kanye nemithetho yendawo. Lolu hlelo luhlose ukudala amathuba okuthuthukisa abantu besifazane namaqembu angenabo abantu abawamele ukuba nabo babambe iqhaza ekwenzeni izinqumo kanye nasekusebenzeni kwe-NbS nasezindleleni zokuphatha kwayo ezindaweni. Ngaphezu kwalokho, i-SUNCASA izosiza omasipala ukuba basebenzise izinhlelo ze-NbS ukubhekelela ukuhlanganyela nokulingana kwabantu babo bonke ubulili, okuzobangela ukwanda kwabantu abafaka isandla ohlelweni lokwenziwa kwenqubomgomo ebandakanya wonke umuntu.

IMIGOMO YE-SUNCASA YOKULINGANA NGOKOBULILI NOKUBANDAKANYA IMIPHAKATHI

  • Ukuguqula imiqondo: Ukukhuthaza imikhuba emihle yezenhlalo ethuthukisa amalungelo abesifazane namanye amaqembu angenabo abantu abawamele.

  • Ukudala amathuba: Ukunika abesifazane namanye amaqembu angenabo abantu abawamele amandla okuba yingxenye yokuqaliswa kwe-NbS kanye nokubavulela indlela yokuba ingxenye lapho kwenziwa izinqumo.

  • Ukuxhumana kwezinhlangano: Ukweseka izinhlangano zabesifazane kanye namanye amaqembu angenabo abantu abawamele ukuba bazibandakanye nezindlela zokuphatha ze-NbS zasendaweni, kuyilapho ngesikhathi esifanayo ivumela uhulumeni wasekhaya, njengabaphathi bemisebenzi, ukuba enze ngokwengeziwe izinqumo ezingeke zihlukanise abantu ngokobulili.

Okuthathu nge-GESI mayelana ne-NbS emadolobheni

Graphic - GESI elements in Urban NbS