Juskei river in Alexandra Township, Johannesburg. SUNCASA. Photo by CHA

eJohannesburg

EJohannesburg, eNingizimu Afrika, i-SUNCASA izokweseka ukuvuselelwa kwezindawo eziphezulu emfuleni i-Jukskei, ukunciphisa izikhukhula, ukuthuthukisa ukulawulwa kokushisa emadolobheni, ukuqinisa ukuvikeleka kwamanzi, ukusekela imisebenzi, ukwandisa izindawo zemvelo, nokuvikela izinhlobonhlobo zemvelo. Izixazululo zendlela abantu bobulili obahlukahlukene bezibandakanya ngayo nemvelo (i-NbS) zizohlomulisa abantu abayizigidi ezingu-1.045.

EJohannesburg, izinhlobo zezilwane nezitshalo nezihlahla eziyingozi ezigcwele imifula zilulaza ukuvikeleka kwamanzi edolobha, zandisa ingozi yezikhukhula futhi zilimaza izinhlobonhlobo zemvelo endaweni. Imiphakathi eseduze ne-Jukskei iphinde ibhekane namazinga okushisa akhuphukayo futhi kuthinta kakhulu izindawo ezisemadolobheni, ikakhulukazi ezindaweni ezimpofu ezingenawo amandla anele okumelana nokushisa.

Izindawo ezigudla umfula i-Jukskei ihlanganisa izindawo zokuhlala ezihlelekile nezingahlelekile, izindawo zezolimo kanye nezindawo zokudayisa. Imijondolo phakathi kwalezi zifunda isengcupheni yokuphazanyiswa yizikhukhula—ingqalasizinda eyonakele, ukulahleka kwempahla, nezinsongo ezihlobene nempilo kuyinsakavukela umchilo wesidwaba lapho kugadla izikhukhula.

Ngokusebenzisana nalabo esibambisene nabo endaweni, i-SUNCASA izobeka eqhulwini ukususa izilwane izihlahla nezitshalo ezivimbela imizila eletha amanzi edolobheni, ukulungisa usebe lomfula, ukulawula ukushisa kwamadolobha, kanye nokuqinisa ukuvikeleka kwamanzi. Okunye okuzokwenziwa, imisebenzi izogxila ekwandiseni izindawo zemvelo ngokutshalwa kwezihlahla nemisebenzi yokukhulisa izimbali,  ukuze kwandiswe izitshalo ezihambisana nendawo.

Imisebenzi ye-NbS Endaweni Egudle Umfula iJukskei

SUNCASA - Joburg Watershed vertical